Emaqhingeni kaNabi ushoda ngelokukhipha ishobolo kwiChiefs

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI wasemuva kwiKaizer Chiefs, uGiven Msimango, ozithole eba neshwa lokuvalela phakathi igoli ngakubo ezakhe zidlala ngokulingana neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto

Image: BACKPAGEPIX

KUNGETHUSE uma umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, esethi 'ake kuyoshaywa umhlahlo' ngokungahambi kahle kwezinto eNaturena kule sizini. Lo mqeqeshi muva nje uphawule ngokuthi ezakhe sezidinga nenhlanhla ekutholeni imiphumela egculisayo, okuchaza ukuthi usezame konke.

IChiefs, elahle amaphuzu ngempelasonto ibambana ngo 1-1 ne-TS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, isendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-30, ngaphezudlwana kweChippa United esendaweni yesishiyagalolunye ngangu-29.

Isalelwe yimidlalo eyisithupha kuphela ukulwela ukugcina indawo esixhantini samaqembu ayisishiyagalombili aphezulu ekupheleni kwesizini. Lokhu kungahloniphisa ichilo lokwehluleka amasizini elandelana ukuzibekisela indawo kwiTop 8 njengoba kwenzekile ngesizini edlule.

“Abadlali bami bakwenze konke okusemandleni ukunqoba umdlalo, kodwa kwala khona ukwenza. Ngikholwa wukuthi sibhekene nesikhathi sokukhungathwa yibhadi lokwehluleka wukuthola imiphumela esiyidingayo emidlalweni esiyidlalayo muva nje," usho kanje uNabi ngesimo esibukeka simdida.

"Kodwa sizoqhubeka silwe, wonke umuntu (eqenjini) kumele asebenze kakhudlwana kunakuqala. Sinesiqiniseko sokuthi inhlanhla izobuya, sibone ukuthi siqeda isizini sikuphi."

Nakuba lo mqeqeshi esezwakalise ukuphonsa ithawula ngokuqeda kwezakhe endaweni yesithathu kwi-log yePremiership ngemuva kokubambana neGalaxy ngempelasonto, kodwa leli qembu laseNaturena kubukeka lisenalo ithuba lokugcina kule sizini lokuthoba izinhliziyo zabalandeli balo.

Amakhosi azotholana phezulu neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu eNedbank Cup, ngeSonto ngo-6.30 kusihlwa, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. 

Ukwenza kahle kwaMakhosi nokunqoba iNedbank kungasho ukuqeda kwawo isomiso seminyaka eyishumi yokungazuzi ndebe, kuphinde kuwanike nengqayizivele yethuba lokuzibekisela indawo emqhudelwaneni iCaf Confederation Cup.

Nokho Amakhosi aya kulo mdlalo wangeSonto namaSandawana eqhugela ngenxa yokulinyalelwa abadlali abamqoka basemuva u-Inacio Miguel noRushwin Dortley. UDortley usenesikhathi elimele, kanti uMiguel uphume elimele emdlalweni wangoMgqibelo.

Yize lo mdlali wase-Angola ezamile ukuqhubeka nokudlala ngemuva kokunyangwa, kodwa kugcine kuphoqelekile ukuthi akhishwe kufakwe u-Edmilson Dove.

UNabi uthe usazolinda umbiko kadokotela ngobunjalo bokulimala kukaMiguel. “Siqale sambuza umdlali (uMiguel) nethimba lababhekele ukwelashwa kwabadlali ukuthi uzizwa kanjani, wazivumela yena nabo abambhekile bavuma ukuthi angazama ukuqhubeka nokudlala. 

Ngeshwa-ke akabange esakwazi ukuqhubeka, kwabe sekuphoqa ukuthi simkhiphe. Sizolinda umbiko wodokotela bethu ukuthi uzokwazi yini ukudlala emdlalweni wangeSonto,” kuphetha uNabi.