Injabulo oweBanyana evaleliswa ngomdlalo ka-150

Xolile Mpisane|Published

UVALELISE ngenothi elihle umdlali weBanyana Banyana, uMpumi Nyandeni, ehlanganisa imidlalo engu-150 eqenjini lesizwe.

Image: BACKPAGEPIX

KUFEZEKE iphupho leminyaka kumakadebona weBanyana Banyana, uNompumelelo Nyandeni, ovaleliswe ngomdlalo ka-150 eqenjini lesizwe.

UNyandeni (38), uyena obehola iqembu lesizwe lakuleli ngesikhathi linqoba iMalawi ngo 2-1 emdlalweni wesibili wobungani eLucas Moripe Stadium, ngoLwesibili ntambama.

Besekunesikhathi elinde ukuhlanganisa iminyaka engu-150 kwazise wayegcine ukugijima kwiBanyana ngo-2019, ngaphambi kokubizelwa le midlalo neMalawi.

Lo mdlali oyibamba esiswini naphambili, waqala ukudlalela iqembu lesizwe ngo-2002, esaneminyaka engu-15. Uvalelise eseshaye amagoli angu-39.

"Ngikuthokozele kakhulu ukumela izwe lami okokugcina. Kungujabulisile futhi nokuthi ozakwethu bangilwele, bangivalelisa ngendlela efanele ngokuwunqoba umdlalo. Ngesikhathi ngidlalela izwe okokuqala ngazizwa ngikhethekile kodwa ngaleso sikhathi akufikanga kimina ukuthi ngingagcina ngidlale imidlalo engaka,” kusho uNyandeni.

“Kudingeke ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngifinyelele lapha kodwa bengingeke ngizuze lutho ngaphandle kwabo bonke abangesekile endleleni yami, ebumnandini nasebunzimeni. Besekunesikhathi ngilinde ukudlala umdlalo ka-150 kodwa ngizizwe sengathi ngidlala okokuqala ngesikhathi ngingena enkundleni. Ngiyethemba ukuthi konke engikwenzile kwiBanyana kuzogqugquzela futhi kuvulele laba abalandela ezinyathelweni zami iminyango.”

UNyandeni wayeyingxenye yeqembu elaba ngompetha bokuqala beSASOL National Women’s League, iDetroit Ladies, ngo-2009. Udlale iminyaka emine kwelaseRussia, edlalela iWFC Rossiyanka, ngaphambi kokubuyela ekhaya.

Kwiligi yakuleli ephezulu ufike wagijima kwiJVW FC, wayishiya isikhashana wayodlalela iTS Galaxy Queens ngesizini edlule. Uphinde wabuyela kwiJVW kule sizini kanti useyishayele amagoli amabili emidlalweni emithathu.

IBanyana isanda kuvalelisa enye inkakha, uNoko Matlou, odlale umdlalo ka-174 eqenjini lesizwe ngesikhathi linqoba iMalawi ngo 3-0 kowokuqala wobungani ngoMgqibelo.

Khonamanjalo: Unozinti weBanyana, uKaylin Swart, udlale umdlalo ka-50 eqenjini lesizwe ngesikhathi linqoba iMalawi ngoLwesibili.

Enye inkakha yeBanyana, uJanine van Wyk, iyona ephethe irekhodi lokudlalela iqembu lesizwe kaningi kunabo bonke abadlali bebhola base-Afrika. Lo mdlali  wawagaxa emgibeni ekupheleni kuka-2023, esedlale imidlalo engu-185 kwiBanyana.