URiveiro uhlaba eyodlame emva kwemidlalo

Xolile Mpisane|Published

KULAMULE abomthetho abadlali beMC Alger nabe-Orlando Pirates sebeshayisana ekupheleni komdlalo weCaf Champions League, e-Orlando Stadium.

Image: BACKPAGEPIX

SIYAMKHATHAZA umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, isihlava sakamuva sodlame oluqubuka ekupheleni kwemidlalo, njengoba kuphinde kwasuka olunye uthuthuva ngemva komdlalo wabo neMC Alger ngoLwesithathu ebusuku.

La maqembu ashayane aze abukana emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League ophele ngo 0-0 e-Orlando Stadium.

Ezimnyama yizona ezidlulele kowandulela owamanqamu kwazise zanqoba ngo 1-0 emlenzeni wokuqala e-Algiers ngegoli likaMohau Nkota.

Asabalele ezinkundleni zokuxhumana ama-video akhombisa ukuthi kube khona ukushayisana phakathi kwabadlali bala maqembu, nedlanzana labalandeli langena enkundleni, kwaze kwalamula abomthetho.

 

Kwenzeka lokhu nje kusanda kubatshazwa esinye isigameko eLoftus Versfeld, ePitoli, ekupheleni komlenze wokuqala we-quarterfinal yeChampions League phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Esperance yaseTunisia ngoLwesibili oludlule.

Ngalolo suku udlame lwaphelela kubalandeli, lwangafika phakathi enkundleni. Okunye okwaqapheleka umlandeli weSundowns, uSiboniso Masango, owahlenga owe-Esperance eselengela ekufeni.

 

Nakuba zazingekho izigemegeme ezinkulu emlenzeni wokuqala we-quarterfinal yeCaf Confederation Cup phakathi kweStellenbosch FC neZamalek eKapa, nakhona avela ama-video ayekhombisa ingxabano phakathi kwabalandeli.

URiveiro, ophawule ngendlela aziqhenya ngayo ngeqembu ngokungena kowandulela owamanqamu, kudingeke ukuthi aphinde akhuze izixhwanguxhwangu ezifuna ukumosha umlando omuhle oqoshwe amaqembu akuleli emiqhudelwaneni yeCaf.

"Angazi ngempela ukuthi kwenzekeni. Singasho esikushoyo ngokuthi ngubani oqale impi kodwa angiboni ukuthi kubalulekile lokho. Ibhola yinto ekhethekile kimina, abadlali bami  neqembu lonkana. Yinto okungafanele ingcoliswe abantu abahluleka ukuziphatha,” kusho uRiveiro.

“Wonke umuntu uyawenza amaphutha kodwa lezi zigameko kumele ziqhele kakhulu kwezemidlalo ngoba asizidingi ngempela. Kufanele sifunde ukwamukela yonke imiphumela. Ngiyethemba ukuthi abantu abadale lokhu bazozibona ezithombeni futhi bazizwe benamahloni, bangaphinde bazibandakanye nezigameko ezinje.” 

I-Orlando Pirates izobhekana neqembu lase-Egypt, iPyramids FC, kowandulela owamanqamu, kanti iMamelodi Sundowns nayo izotholana phezulu nezingqungqulu zase-Egypt, i-Al Ahly.

IStellenbosch ikhiphe elinye lase-Egypt, iZamalek, kuma-quarterfinal eCaf Confederation Cup. Isizobhekana neSimba SC yaseTanzania kowandulela owamanqamu.