UBIG ZULU okunezinsolo zokuthi ukhokhele intombi yakhe uLebogang Makanete ilobola Isithombe: FACEBOOK.
UMREPHA oshisa izikhotha kulezi zinsuku, uSiyabonga "Big Zulu" Nene uphika ulala ngomhlane ukuthi useyaganwa.
Ngokwemithombo yebezindaba, lo mculi wodumo lwengoma ethi Imali Eningi, ubethumele abakhongi ukuba bayomcelela isihlobo esihle kubo kwengoduso yakhe, uLebogang Makanete, eDiepKloof, eSoweto.
Umthombo uze wafaka isithombe ebesiveza lo mculi waseBergville nesigejana samadoda abegqokise okwabakhongi, beyisixuku ngaphandle komuzi futhi kunezimoto ezimbalwa.
Ebuzwa ngezindaba ezisematheni, uBig Zulu uthe akazi lutho futhi uyalweshama daba.
“Bhalani noma yini enifuna ukuyibhala kodwa ngokwami, umnikazi wendaba angiyazi nje le nto eshiwoyo,” egcizelela uBig Zulu.
Yize kwaziwa okuningi ngomculo wakhe kodwa bambalwa abathi bayazi ngentokazi ewusofasilahlane wakhe.
Nakuba ephika kodwa ayinuki ingosiwe. Uma lezi zindaba ziyiqiniso kuyobe kuyizindaba ezimnandi ngoba uBig Zulu uhambela phezulu kulezi zinsuku ngenxa yokwenza kahle emculweni.
Usebonakale kaningi ethenga izimoto nemizi ubuthaphuthaphu.
UBig Zulu ungene endimeni yomculo eminyakeni eyishumi eyedlule, wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ngo-2016 futhi usewole inqwaba yemiklomelo.