KWAKUSEMNANDI phakathi kukaBabes Wodumo nomamezala, uNksz Zama Gumede besengamathe nolimu kodwa manje sebeyinkukhu nempaka Isithombe:ESIGCINIWE
UTHUKUTHELE uyaqhuma unina kaMampintsha, uNksz Zama Gumede emuva kokuba umakoti wakwakhe, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane-Maphumulo, eshiye angalazi ngaye enkundleni yokuxhumana.
UBabes usolwa ngokubiza uninazala ngenja enkulumweni ayibhale kwiWhatsApp. “Ingakho umamezala ngingamthandi, ilamasimba awenzayo, nxa lo mama une-drama...Lenja, nxa!" Yile nkulumo efakwe wuBabes isikhashana maqede wayicisha kanti sebeyigcinile emzini.
Ebuzwa uNksz Gumede uthe: “Ngiyibonile into ayishilo ngami kwiWhatsApp, uBabes futhi nami angimthandi. Ungidelelile ngingumuntu omdala ofana nomzali kuye. Ngicabanga ukuthi uMampintsha bekungafanele ashade naye.”
Akukhona okokuqala uBabes echapha ngenhlamba uninazala, sekungokwesibili. Uke waqopha i-video lapho ashiya khona angalazi ngaye kodwa wabuye waxolisa futhi wazithethelela ngokuthi kwakuyindlela
yokudumisa ingoma yakhe eyayizophuma. Nakuba kunjalo kodwa sekucace bha ukuthi ayikhumelene umlotha kodwa bebehlangane phezulu phansi bengamahele njengoba namanje isaqhubeka impi yamazwi phakathi kwabo. Imbangela yodweshu phakathi kukaBabes, Mampitsha nomndeni kaMampintsha
yimali abathi bakweletwa yona ngohlelo uThando Lodumo.
Umndeni kaMampintsha ukhale ngokuthi awukaze ukhokhelwe ngesizini yokuqala neyesibili.
Ngenxa yokungakhokhi, udadewabo kaMampintsha, uPinky Gumede noNksz Gumede baphoqelekile ukuba bathathe isinyathelo somthetho ngokuxhumana nenkampani yabameli, iSthembiso Attorneys, befuna imali yabo kwiShowmax nasenkampanini eqopha uhlelo, iParental Advisory Productions.
Unina kaMampintsha uthe uphatheke kabi ngempi eqhubekayo futhi uzizwa engahlonishwa ngenxa yezenzo namazwi kaBabes.
UNksz Gumede uthe selokhu kwaqala impi yabo yemali noBabes noMampintsha, impilo yakhe isintekenteke njengoba esehlala ngokuphathwa yisifo senhliziyo.
"Indodakazi yami kudingeke ukuthi ingiyise emtholampilo ngoba bengingazizwa kahle kodwa ngiyalulama manje," eqhuba.
UNksz Gumede uqhube wathi akazange alubhade ngosuku lokuzalwa komzukulu wakhe ngoLwesine (16 Juni) ngenxa yempi eqhubekayo.
“Ngiyamthanda umzukulu wami futhi ngiphatheke kabi ngokuphuthelwa wusuku lwakhe lokuzalwa. Ngihlale ngithanda ukumvakashela, ngimphekele ukudla okunempilo ukuze akhule eqinile, kodwa abazali bakhe bakhohlakele," eqhuba.
UNksz Gumede uthe bekufanele benzele umzukulu wakhe umcimbi wokumamukela, amfake isiphandla, amshisele impepho kodwa uBabes ubelokhu enqaba ukumletha kwakhe.
Isolezwe ngoMgqibelo libathintile bobabili uMampintsha noBabes kodwa abazange bazibambe izingcingo futhi abayiphenduli nemiyalezo abayithunyelwe. Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaThomas Gumede noLungile Radu iphinde yangaphumelelanga.
Ethintwa udadewabo kaBabes, uNondumiso Simelane, uthe abakaze basibone i-status kwiWhatsApp sikaBabes.
"Kungenzeka ukuthi umuntu uzonda uBabes ufake le status ngoba mina angikaze ngisibone nje," kusho uNondumiso.