BEKUMNANDI kuMnuz Sihle Zikalala noNgizwe Mchunu bethelelana amanzi ngenyanga eyedlule Isithombe: ESIGCINIWE
OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, uphinde wakhwela wadilika kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ohlelweni olwethulwa wuLungelo KM kwiYouTube Channel.
UNgizwe uthe okubaqhatha noZikalala ukuthi ungumholi oyisiphukuphuku.
"Uyisiphukuphuku ngoba, uma ungumholi awushayi ngequpha abantu abakuvotele, umukela ukushaywa. Kungaki ukugxekwa engikutholile emsebenzini wami njengomsakazi nomholi womphakathi?"
Ubuze ukuthi kuyinto elungile yini kumholi ukuthi uma abantu befuna usizo kuwe kodwa ungabanaki futhi uhlulwe ukubaphatha?
"Kunalokho, nibonakala nintshontsha, nigijima namaloli amanzi. Nenza zonke izinto ezibhedayo. Uma sikhalela usizo kuwe, bese wena ubona kungcono ungishaye uma ungibona emphakathini.
“Lokho ubulima. Kuchaza ukuthi asinamholi kulesi sifundazwe. Ngikhona mina (ekubeni umholi)."
UNgizwe noZikalala baxabana ngesikhathi bebonana emcimbini weNgoma KaZwelonke ePeople’s Park, eThekwini.
UNgizwe wasuka lapho wayovulela uZikalala icala lokumxhimfa ngesibhakela esiswini, kanjalo noZikalala wavulela uNgizwe icala, lokumehlisa isithunzi. Babuye bawasula lawa macala emuva kokuthelelana amanzi.
Uthe bahlala phansi bathelelana amanzi futhi bawasula amacala. Nakuba kunjalo, ukugcizelele ukuthi uZikalala uwumholi oyisiphukuphuku ngoba uyahluleka ukunakekela abantu abamvotela.
"Isiphukuphuku umzali ongakwazi ukunakekela izingane zakhe. Zihambe zidla emgqonyeni kadoti. Umzali leyo nto?"
Uthe usazoqhubeka nokukhwela adilike kuZikalala.
"Zisazokhala kakhulu ngoba mina naye kasibona abangani. Umbono wami kuyohlale kuwumbono wami."
Uthe akanandaba nokuboshwa. "Uma ebabopha abantu abamthukayo, akababophi ngani oMalema? Usho ukuthi inhlamba kaMalema izwakala kangcono kuneyami?"
Eqhubeka, uNgizwe uthe uyobe esePhalamende ngo-2024, futhi leli lizwe liyokhululeka mhlazane kwashona wonke amakhehla asePhalamende.
Ethintwa okhulumela undunankulu, uMnuz Lennox Mabaso, uthe akakwazi ukuphawula ngoba akambonanga uNgizwe.
Ube esecela ukuba intatheli imthumelele i-video, okuyinto eyenzile ngoLwesine, kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.