UMBUSO KHOZA amukela umklomelo wakhe kumaPANsalb Multilingualism Awards eSandton Isithombe:FACEBOOK
INKAKHA yeWorld Music, uMbusuyeza "Mbuso" Khoza, ituse Isolezwe ngokuwola izindondo kumaPan South African Language Board Multilingualism Awards eThe Galleria Conference and Everything Venue, eSandton, eGoli kuleli sonto.
UMbuso uhlabane emkhakheni weLanguage and Literature (isiZulu) lapho equmbe phansi uWelcome Ntombela noMkhuliseni Cele. Akagcinanga lapho kodwa ubuye wadla umhlanganiso nakoweThetha Masombuka (Media), lapho eqwaqwade khona emakhanda uXolile Rita Mabuza noNokuthula Platitude Mtshweni.
UMbuso ubonge Isolezwe ngokumnikeza ithuba lokubhala ingosi ethi Injadu Yomhambi.
"Le ndondo yesibili ngeyokusetshenziswa kolimi lwebele emithonjeni yezindaba, okuyiJadu Le-Afrika oKhozini kwiJabul' Ujule neNjadu Yomhambi kwiSolezwe." Ube esebonga nomsakazi woKhozi FM, uDudu "Lady D" Khoza nophrojusa wakhe, u-Ayanda Melansi.
"Le ngosi iguqule impilo yami kule minyaka emihlanu eyedlule ngiyiqalile. Ngiyabonga namhlanje kunabantu abasha asebeloba izincwadi ngenxa yale ngosi," kuphetha uMbuso oyisishabasheki samahubo.
UMbuso uthe kuyamjabulisa ukuba khona komqhudelwano osungulwe ngo-2002 ngoba kukhombisa ukuthi ulimi lwesintu lunekusasa.
Uqhube wathi iphupho lakhe wukuthi kugcine sekufundwa izifundo zaSenyuvesi ngezilimi zesintu.
“Yebo, kumnandi ukuzwa igama lami libizwa kwamanye amazwe kunconywa umsebenzi wami omuhle, kodwa kujabulisa kakhulu uma sekunoqhude manikiniki abezindondo nemiklomelo eyakhona la ekhaya.”
Uthe kukhombisa ukuthi ulimi lwethu ngeke lulimale futhi nabantu abasha bazofunda okuningi kulokhu esikwenzayo.
Nomrepha odabuka eBergville, uSiyabonga "Big Zulu" Nene uwine emunxeni wesiZulu, eqoqweni leMusic: Effective Use of Mother Language kwathi uNdivhudzannyi "Makhadzi" Ralivhona waphuma phambili eqoqweni labacula ngesiTshivenda.
Ephawula uBig Zulu uzibongele kubalandeli bakhe. "Sizwe senkabi, siyabonga kakhulu sibuye nayo indondo. Lena yindondo yokulepha noma yokucula ngolimi lwesintu, isiZulu. Ngiyabonga kakhulu. Ngaphandle kwenu ngabe asiwinanga. Ngiyabonga kuzo zonke izinhlanga nasezilimini zonke zakithi ekhaya eziyisishiyagalolunye," kuphetha uBig Zulu. Uhlelo lomcimbi beluphethwe nguSomizi Mhlongo nomlingisi, uRami Chuene.