UMNUZ Welcome ‘Bhodloza’ Nzimande obezohlonishwa engasekho kwiMpucuzeko Maskandi Festival kulo nyaka Isithombe: Zanele Zulu/African News Agency(ANA)
IZINKINGA zomndeni zowayengumphathi woKhozi FM, uWelcome “Bhodloza” Nzimande, ziphazamise ukuhlonishwa kwale ngqalabutho kwiMpucuzeko Maskandi Festival, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 30.
Umndeni kaBhodloza umemezele ekhasini lawo kwiFacebook, iBhodloza Nzimande Legacy, ukuthi sewukhulume nabahleli balo mcimbi ukuba angahlonishwa kulo nyaka uBhodloza ngenxa yezinhlelo umndeni othe uphezu kwazo ngaleli qhawe.
"Noma umndeni ukujabulela ukuhlonishwa kweNgulub' encane, kepha ucela kungabi kulo nyaka ngenxa yezinto ezisalungiswa wumndeni wakhe. Sesixoxile noXolani Mcineka (umhleli wommcimbi) savumelana ngokukumisa ukuhlonishwa kwakhe ukuze siphothule esisematasa ngakho," kusho isitatimende somndeni.
Ekhuluma neSolezwe, uThelumusa Nzimande, oyindodana kaBhodloza, ukuqinisekisile ukuthi yibo abayalele ukumisa ukuhlonishwa kwaleli qhawe kulo nyaka.
UMcineka uthe ukhulumile nomndeni kaBhodloza wamchazela ukuthi okwamanje babhekene nezindaba zomndeni zangasese futhi bazocela ukuthi ukuhlonishwa kwakhe kuhlehliselwe unyaka ozayo.
“Noma yimuphi umuzi unezinkinga zakhona. Njengomuntu okhulele emakhaya futhi ohlonipha izindaba zamasiko, siyakuqonda ukuthi uma kuhambe umnumzane wekhaya kuyenzeka kube nezinkinga,” kusho uMcineka.
“Bacele ukuba simhloniphe ngonyaka ozayo uma sebelungise zonke izinto zikaBhodloza,” kuphetha uMcineka.
Emasontweni adlule, abahleli bomcimbi bamemezela esithangamini sabezindaba ukuthi kulo nyaka bahlele ukuhlonipha uBhodloza nomsakazi owavunjululwa nguye oKhozini, uKhathide “Tshatha” Ngobe, ngenxa yamagalelo abo ekuthuthukiseni umculo kamaskandi ngezindlela ezahlukene.
Ukuhoxiswa kwegama likaBhodloza kulandela ukuphuma kukaTshatha, naye ophoqelekile ukuba ahoshe imfe ngenxa yezikhalazo zowayenguzakwabo oKhozini, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu.
UNgizwe uthe akukwazi ukuthi lo mcimbi ungahlonipha uTshatha bese kushiywa yena ngaphandle, ezishaya isifuba ngokuthi amagalelo akhe emculweni kamaskandi, makhulu kunakaTshatha.
UTshatha ube esecela abagqugquzeli bomcimbi ukuba balihoxise elakhe igama kwabazohlonishwa. Kwenzeka lokhu nje, umndeni kaBhodloza uke wakhala ekhasini lawo ngokumenyezelwa kokuhlonishwa kwale ngqalabutho emithonjeni yezindaba kungakavunyelwana ngalutho nawo.
UMcineka uxolisile emndenini ngalelo phutha.