Ungqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula ekhuluma nabamatekisi abebebhikisha eS oshanguve, ePitoli. Isiteleka sabamatekisi salimaza kakhulu abagibeli Ungqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula ekhuluma nabamatekisi abebebhikisha eS oshanguve, ePitoli. Isiteleka sabamatekisi salimaza kakhulu abagibeli
EZINKULUMENI ezibhekiswe ezweni ngeCovid-19 uMengameli Cyril Ramaphosa uhlale ehlaba umkhosi ngengozi yaleli gciwane.
Uphinde adonse abantu ngendlebe ngokubaluleka kokushintsha imikhuba yempilo ejwayelekile ukuze kuvikwe futhi kunqandwe ukubhebhetheka kwalolu bhubhane.
Muva nje uRamaphosa usegqugquzele izakhamuzi ukuthi zakhe uhlelo olusha lwezomnotho oluzolwa nemithelela emibi kahulumeni wobandlululo ukuze kukhule umnotho kwakheke amathuba emisebenzi, kuvalwe igebe phakathi kwezicebi nabampofu futhi kubekwe izwe ezingeni elihle lokuncintisana namazwe omhlaba.
Selokhu ehlabe umkhosi umengameli, izinhlaka zomphakathi engingabala kuzo uhulumeni, amabhizinisi, amasonto, izinhlangano zemidlalo, amaqembu epolitiki, izinhlaka zobukhosi namasiko nezinye zibukeka zisabele kuleli khwelo.
Lukhulu ushintsho olwenzekayo kulezi zinhlangano noluhambisana nokwakha imiqondo namaqhinga amasha okubhekana nezinselelo zeCovid-19.
Yingakho noNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni ephoqeleke ukuthi abuyekeze isabelomali salo nyaka ukuze sibhekane ngqo nezinselelo ezifike nalolu bhubhane.
Nasembonini yamatekisi, itshe limi ngothi nkombose kababa. Selokhu kuqale impi yokulwa nobhubhune, le mboni isilahlekelwe yizigidigidi zemali nosekube nomthelela omubi kakhulu ekusebenzeni kwayo. Ngabe imiphi imiqondo namaqhinga le mboni ewakhaya ukuzikhulisa ngaphandle kokubeka ijoka lensimbi emahlombe abagibeli?
Phela nabagibeli babhekene nengwadla njengoba abanye belahlekelwa imisebenzi, abanye behliselwe imiholo kanti iningi alisebenzi.
Phela kwenyuka imali yokugibela amatekisi uma kunyuka uphethroli kodwa ayehli uma sewehla. Lokhu sekwakhele le mboni isigcwagcwa kubagibeli.
Phela kulezi zinsuku ibhizinisi elithuthukayo yilelo elibonwa njengelizwelana nabathengi nabagibeli ikakhulukazi ngezikhathi zobunzima.
Sekuyisikhathi sokuthi imboni yakhele phezu kwempumelelo yeminyaka edlule ukuze ilungiselele izikhathi ezishintshayo.
Umbuso kahulumeni wobandlululo awusikhumbuzi ingcindezelo, ukuxhashazwa nokuhlanjalazwa ngabamhlophe kuphela kepha usikhumbuza ubuhlakani, ukuzinikela nobuqhawe obakhonjiswa abamnyama ekulweleni inkululeko yezepolitiki.
Uphinde usikhumbuze nomzabalazo nempumelelo yabamnyama kwezamabhizinisi ngaphezu kwemithetho yokuhweba eyabe inzima satshe. Imboni yamatekisi ibilokhu ingumkhombandlela futhi iwuphawu lwempumelelo yabamnyama kwezamabhizinisi. Kodwa manje kubukeka kukhona okukhulu okuyisikaza ngejozi uma ingekho imizamo eyenziwayo yokuyisimamisa ngokushesha.
Muva nje sizwe abanye bososeshini besikaza ukwenyusa imali ngamanani aphindaphindiwe nokwakhe isithombe semboni ephelelwe amaqhinga, enesihluku futhi ezicabangela yona yodwa. Kwenzeka lokhu nje, le mboni ibhekene nezinselelo zokwehla kwenzuzo ngenxa yobuningi babantu abangasebenzi nezinselelo ezikhulayo zokuqhudelana nezimbangi.
Ukuzinikela kukahulumeni ekuthuthukiseni ezokuthutha ngololiwe namabhasi nakho kufaka enkulu ingcindezi njengoba abagibeli bezofudukela kule mikhakha yezokuthutha ngoba ibiza kancane.
Ngokunjalo ukufika kwe-Uber nakho kubukeka kunciphisa isabelo samatekisi embonini. Futhi lezi zinkinga zibukeka zisazoqhubeka ngesivinini uma amatekisi ehluleka nokuqhamuka nemiqondo namaqhinga amasha.
Uma le mboni isazoqhubeka nokunyusa imali yokugibela ize ilingane nemali yokugibela amabhanoyi lokho kuyosho ukulotha kwale mboni enomlando omuhle emkhakheni wamabhizinisi asezandleni zabamnyama.
Ngo-1999 kwaba nomqondo onzulu wokusimamisa le mboni nowawuqhutshwa uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal nenhlangano yamatekisi. Kwaqalwa inkampani Umthombo Investment eyathenga iMalandela Motor Assemblies ukuze kwakhiwe amakhumbi athwala abagibeli abangu-20.
Inhloso enkulu yoMthombo Investment kwabe kungukuthuthukisa osomatekisi ukuze baphathe imboni yezokuthutha iphelele kusukela ekwakhiweni kwamatekisi, ukuthuthwa kwabagibeli, ukudayiswa kwezinto zamatekisi, ukuphathwa kwamagaraji adayisa uphethroli, ubunikazi bezakhiwo emarenki amatekisi, ukwengamela ukukhangisa ematekisini, nobunikazi bephephandaba nomsakazo kwezithinta imboni yamatekisi.
Lowo mbono wafadabala ngenxa yobugovu babanye abaholi, ukuxhamazela nobuthaka ekuhlelweni kwalo msebenzi nowadla imali yabakhokhi bentela engaphezulu kukaR10 million.
Ukube lowo mbono waba yimpumelelo, ngabe namuhla sikhuluma ngemboni yamatekisi ehweba ezingeni lomhlaba. Ngabe amatekisi awathembele nje kuphela ekwenyuseni imali yokugibela ukuze yenze inzuzo.
Kufanele ngabe uhulumeni nemboni bafunda lukhulu ekwahlulekeni kombono woMthombo Investment. Sekuyikhathi sokuthi imboni yamatekisi iwubuyekeze lo mbono ukuze izilungiselele ukubhekana nobunzima obubukeka buza bunyelela.
* UThabani Khumalo ungumhlaziyi wepolitiki ozimele.