uMaqhinga noQadasi abaculi boMaskandi. ISITHOMBE: Sithunyelwe.
UMCULI kamaskandi waseMpangeni, uMaqhinga Hadebe, osecija ozakwabo baphesheya kwezilwandle ngalolu hlobo lomculo, uzojabulisa abathandi balo mculo kuchungechunge lwamakhonsathi azobe eseCape Town, Gauteng naKwaZulu-Natal.
Kulamakhonsathi uMaqhinga uzobe ehambisana nomlingani wakhe uQadasi.
Nakuba engazibizi ngothisha womculo, uMaqhinga uthe uyakujabulela ukufundisa abaculi bakwamanye amazwe ngomculo wesintu, umaskandi.
“Ukufundisa ngikwenza uma sihleli nabaculi bakwelinye izwe, ngisuke ngibakhombisa ukuthi thina ngakithi senza kanjani. Nami ngike ngithande ukufunda unculo wabo uma ngithola ithuba.”
UMaqhinga uthe ukujabulela kakhulu ukusebenzisana namazwe angaphesheya edlala umculo wakhe.
Uthe waqala ukudlala phesheya ngesikhathi eya eMelika ebizwe ukuzodlala isigingci.
“Kwakunomdlalo weshashalazi weLadysmith Black Mambazo, bedinga umuntu ozodlala isigingci, bangibiza ukuthi ngihambe nabo,” kusho uMaqhinga.
Uqhube wathi amanye amazwe asewahambile yiseGermany, Zimbabwe, England namanye,
“Yilapho ke nami engabona khona ukuthi ukusebenza emazweni angaphandle kubalulekile kakhulu ngoba uyawubona umehluko empilweni.”
UMaqhinga uthe wahlangana noQadasi ngo-2010. Uthe wamfundisa indlela yokudlala lo mculo wagcina ewumpetha..
“Saqala ukuhamba naye emazweni ase-Europe, eIreland ngo-2013 ngemuva kwalokho sacelwa ukuba sidlale ndawonye njengeqembu nakwamanye amazwe amaningi,’’usho kanje.
Ephetha uthe njengamanje basebenza ndawonye ezinhlelweni eziningi zomculi nakumakhonsathi abukhoma.