UNELISIWE Sibiya uzolingisa emdlalweni weshashalazi othi Shaka Zulu: The Gaping Wound Isithombe: SIGCINIWE
UMLINGISI oqavile emdlalweni wethelevishini owuchungechunge, uNelisiwe Sibiya, unyelwe yinyoni esandleni ngoba uzolingisa emdlalweni weshashalazi othi, Shaka Zulu: The Gaping Wound.
UNelisiwe olingisa kwiDurban Gen indawo kaDkt Mbali udlala indawo kaPhathaphatha, owayeyingoduso kaShaka Zulu. Umdlalo oqondiswa nguzakwabo kaNelisiwe, uMeshack Mavuso-Magabane, ukhonjiswa ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini kulezi zinsuku.
UNelisiwe uthe igcagcele esokeni kuye ngoba kade ayefisa ukulingisa kulo mdlalo kodwa kungalungi.
“Bukumele ngibe kuwona ngonyaka odlule kodwa ngehluleka ngoba bengiphazanyiswa ukusebenza kwiDurban Gen, futhi ubuseTshwane, mina ngisebenza eThekwini,” kusho uNelisiwe.
Umlangisi usanda kwethweswa iziqu ezihambisana nomculo emidlalweni yeshashalazi, kanti uthi ukuyakuthanda ukuhlanganisa ukucula nokulingisa.
“Ngaba seshashalazini lomculo elidumile iSarafina iminyaka emithathu, kwangijabulisa ukukhombisa ikhono lami lomculo ngenkathi ngilingisa,” kuchaza uNelisiwe.
Uqhube wathi bekungelula ukudlala indawo kaPhathapatha ngoba waziwa njengomuntu wesifazane onamandla kakhulu.
“Njengomuntu othandana nenkosi kumele ukhombise amandla, yize nginawo amandla njengomlingisi kodwa isikhathi esiningi ngiwumuntu ohlale ezidlalela,” kusho uNelisiwe.
Eqhuba, uthe abantu asebenza nabo bamsiza kakhulu ukuthi asheshe ajwayele. Uthe okwenza umsebenzi wakhe ubelula ukuthi wayewazi amaculo amaningi aculwa emdlalweni.
“Umqondisi womdlalo uMeshack Mavuso-Magabane wangicela ukuba ngimsize akhethe amaculo, ngakho besengivele ngiwazi kahle wonke,’’ usho kanjena.
Uqhube wathi umdlalo weshashalazi wabukhoma uyasiza ukuthuthukisa ikhono lakho njengomlingisi.
“Eshashalazini akukho ukuthi kumiwe kuthiwa lungisa uma umoshile olayini bakho, ababukeli babona yonke into oyenzayo.”
Uphethe ngokuthi lokho kufundisa ukuthi wazi umsebenzi wakho, ufundisise olayini bakho ukuze imiphumela izoba mihle.