UDJ wodumo wegqom’ uDlala Thukzin usolwa ngokulala nabesifazane abaningi Isithombe: FACEBOOK
UDJ wodumo lwegqom’ uDlala Thukzin uvuma eyokuba yisoka lamanyala kodwa uthi yize kunjalo, akakaze adlwengule muntu.
UThukzin ngoLwesihlanu ukhiphe isitatimende ngemuva kokuthi kube nabesifazane abanameke izithombe ezinkundleni zokuxhumana bedalula ukuthi bake bazitika ngocansi noDJ.
Kule mibhalo kuvela nezinsolo zokuthi uDJ usebenzisa abesifazane abasebancane, ukuzitika ngocansi nabo. Kwezinye izithombe uThukzin uvela nenqwaba yamantombazane amancane bese kuba nemibhalo esola ukuthi wonke aseke aya ocansini naye, ngesikhathi esisodwa.
‘’Yebo, ngike ngathandana nabesifazane abaningi ngesikhathi esisodwa kodwa konke ebesikwenza nabo bekusuke kuvunyelwene. Konke lokho sekuyinto edlulille...sengishintshile,’’ usho kanje esitatimendeni.
Uthe yize evuma kodwa kukhona asebezama ukudicilela phansi igama nomsebenzi wakhe.
“Kunezithombe eziveza amantombazane ahlukahlukene ethatha izithombe endlini yami. Amanye egqoke nezingubo zami. Angikuphikisi lokho ngoba ezinye zalezo zithombe ngezangempela kodwa eziningi sezenziwe,” kusho uThukzin.
Uthe yize izinsolo ziyiqiniso uyakugcizelela ukuthi ezinye zalezo zithombe zashuthwa eminyakeni engaphezu kwemibili edlule.
“Sengikhulile manje, sengithatha izinqumo eziphusile. Nendlela yokuziphatha sengiyishintshile.”
Uqhube wathi akasoze asizakala ngokuya ocansini nanoma yimuphi owesifazane ngendlela engcolile.
UThukzin uxolisile kulabo abaphatheke kabi ngokuvela kwalezi zinsolo, waqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi unobudlelwano obuhle nabesifazane.
“Ngiyawuhlonipha umsebenzi nomculo wami, nomndeni wakwaDlala Thukzin kangangokuthi ngeke ngenze lutho olungenza noma ngubani angabaze izinhloso zami,” ephetha.
Related Topics: