USHO Madjozi uzobamba iqhaza ohlelweni lojahidada olukhonjiswa kwiSABC 2 iTakalane Sesame, Isithombe: FACEBOOK
UMCULI we-afro house, uMaya "Sho Madjozi" Wegerif ubuyela endimeni yezikungcebeleka emuva kokunyamalala.
Uzobamba iqhaza ohlelweni lojahidada olukhonjiswa kwiSABC 2 iTakalane Sesame. Umculi wodumo lwengoma ethi John Cena, uzoqala ukuvela kusukela ngoJuni 6, ngesizini ka-13 yohlelo.
Ethintwa umsizi wakhe uTholo, yiSolezwe NgoMgqibelo mayelana nohlelo, uthe okwamanje uSho Madjozi ngeke aphawule ngenxa yokuthi usahlabe ikhefu ekubeni nezingxoxo nabemithombo yezindaba.
USho, waqala ukuzakhela udumo ngo- 2017, ngesikhathi elingisa indawo kaTsakane Mboweni emdlalweni wethelevishini Isithembiso. UTsakane kwakuyintokazi eyayizifela ngepolitiki yabafundi.
Waqhubeka wakhipha izingoma eziningi ezashisa izikhotha futhi wasebenza nabaculi abaningi e-Afrika, jikelele. Useneminyaka engaphezu kwemibili enyamalele kwezokungcebeleka.
NgoMashi nonyaka uSho wabonga abalandeli bakhe ngokumbekezelela ngenkathi esanyamalele. Wabhala ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi ubesabhekene nezinto ezithile futhi kwadingeka ukuba azinike isikhathi.
Waqhubeka wathi wathola ukuthi kunabantu ababili eqenjini lakhe ababemntshontshela futhi benza zonke izinhlobo zezinto ezimbi brmvalela namathuba.
“Bekubuhlungu kodwa ngikhathele ukuhlala ngiphatheke kabi ngakho,” kusho uSho.
USho ubonakalise injabulo emakhasini akhe okuxhumana ngenkathi ememezela izindaba ezimnandi.
KuTakalane Sesame uSho uzoshiyelana inkundla nabanye osaziwayo abanjengoPrev Reddy, Holly Rey, uFarieda Metsileng, uDavid Kau, neGoliath Brothers bonke abazojoyina isihlabani somdlalo uMuppets Elmo, Zuzu, Zikwe, Kami noMoshe.