Umculi UNaima Kay uyaphika ukuthi uthandana noMorris Coober Mpungose. ISITHOMBE: FACEBOOK.
UMCULI waseThekwini okuvele ngeledlule ukuthi usothandweni oluvutha amalangabi nomsakazi, usola ‘leli soka’ ngokuhubhuza amanga aluhlaza.
UNaima Kay uthe akakaze ajole noMorris’ Cooper’ Mpungose. Uthe izinkulumo zabo yena ubazi ukuthi ziwumdlalo nje hhayi ukuthi bayathandana.
Kodwa uMorris uthi okushiwo yilo mculi yena akakwazi. Kodwa wakhala ngokuthi selokhu kuvele lolu daba uma ekhuluma nalo mculi kuWhatsApp, uyamphoxa.
UNaima uthi uMorris umazela kuFacebook, akukho okunye okudlula lapho.
“Waqala ngokuphawula kuma-post ami, nami ke njengomuntu ophendula noma ubani ngaphendula,” kusho uNaima.
Lo mculi we-Afro pop uthe uMorris waze wamcela ukuba enze inhlolokhono esiteshini sakhe iNtokozo FM, kodwa akakwazanga ukuya ngoba wayehlezi engenaso isikhathi.
UNaima uthe uke wabona uMorris emnameke ekhasini lakhe likaFacebook embiza ngondlunkulu wakhe.
“Angibanga nankinga ngalokho ngoba ngijwayele ukuthi abantu bangi-poste, bethi banama-crush kumina noma bathi uWife wami,” kuqhuba uNaima.
Yize kunjalo, uNaima uthe abathandani nhlobo noMorris, waphinde wagcizelela ukuthi unalo isoka asethandane nalo iminyaka emine futhi ajabule kakhulu nalo.
UMorris watshela leli phephandaba ngeledlule ukuthi useze wakhetha ukuthandana noNaima yedwa futhi uzimisele ngokumlobola maduze nje.
Lo msakazi ongowokuzalwa ebukhosini, uthe akazi nokuthi kumele athini uma uNaima esemphika ngale ndlela.
“Ngikhulumile naye kuWhatapp, ngaphoxeka indlela abekhuluma ngayo,” kusho uMorris.
Uqhube wathi ngisho nabalandeli bakhe ku-Facebook bebazi ukuthi bayathandana ngoba ikhasi lakhe ligcwele izingxoxo zothando phakathi kwabo.
UMorris uqhube wathi lokho kumphathe kabi kakhulu ngoba bekuyisifiso sakhe ukuthi uNaima agcine ewunkosikazi wakwaMpungose.
UMorris usakaza uhlelo lomculo wamzukwane kwiNtokozo FM, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku nolwesicathamiya ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.