UMBHALI wengosi yezocansi odume ngelikaMaGumede, usale emabokoboko eshaywa yisoka ebelingafuni ukwaliwa
UMHLENGIKAZI ongumbhali wengosi yezocansi kwiSolezwe ngoMgqibelo, uDistance Gumede (36), usinde kukubi eshaywa ngobeyisoka elimshiye umndondo lithi ufile, lingafuni ukwaliwa.
UDistance uthe uhlaselwe nguMnuz Lindokuhle Zikode evakashele umngani wakhe naye ogcine eshaywa ngumsolwa elamula.
Indaba iqale ngokufika kowesilisa abesanda kumala, kubo kamngani wakhe, okulandelwe wukukhala kweselula kaDistance.
“Isuke lapho-ke ingxabano ethi lo obengifonela yisoka lami, kusho ukuthi ngimale ngoba nakhu vele senginelinye isoka, okuyinto engelona iqiniso”, usho kanje.
Uqhube wathi umhlwithile iselula kwase kusuka uthuli lwezichwe, waqala wamshaya.
Kulokhu kushaywa uDistance uthi uqulekile njengoba ebemklinya, emkhahlela nasekhanda, okugcine ngokuthi aphume igazi nangamehlo, wachama negazi.
“Ubethi kungcono angibulale, ahambe ayoboshwa,” kuqhuba uDistance.
Njengamanje umsolwa akwaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo namaphoyisa ayamfuna emva kokuvulwa kwecala esiteshini samaphoyisa eSydenham.
UDistance uthe sebenesikhathi esingangonyaka nohhafu ethandana noLindokuhle, kodwa kwathi kuphela izinyanga ezintathu waqala ukumhlukumeza, emshaya njalo.
“Bese ngiwumuntu ophila ngenduku, ngithukwa futhi engihlukumeza ngazo zonke izindlela,” eqhuba.
Uthe emuva kokubekezelela konke ukuhlukunyezwa wathatha isinqumo sokumshiya, kodwa njalo uma behlukene wubebuya axolise, bese emxolela babuyelane ngoba ubemthanda.
Uqhube wathi kulokhu kokugcina esemala, bese kuphele inyanga behlukene.
“Ngamtshela ukuthi anginankinga ngokuthi sizwane, singabi yizitha ngoba vele sihlala endaweni eyodwa, kodwa ngeke sikwazi ukuthandana ngoba wayengihlukumeza kakhulu ngisho phambi kwabantu.”
Ethintwa uLindokuhle, ucele ukuthi intatheli ibuye imshayele ucingo ekhala ngokuthi usendaweni angeke akwazi ukukhuluma kuyona. Kuthe esethintwa okwesibili akabange esaphendula.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uqinisekisile ukuthi kunecala elivulelwe owesilisa, elivulelwe wuDistance. Uthe bekungakaboshwa muntu ngesigameko.