UBabes Wodumo noMampintsha. Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE.
INGXABANO kaMampintsha, unina nodadewabo ngenxa yemali yokushuthwa kohlelo Uthando Lodumo, seyishube kangangoba sebefakana enkantolo.
Udadewabo kaMampintsha, uPinky Gumede, uthe bathathe isinqumo sokulaxaza ukuqopha uhlelo lukaMampintsha noBabes Wodumo ngoba becikwa ukungakhokhelwa imali ababevumelene ngayo kwisizini edlule.
Nakuba bese bezishuthile ezinye iziqephu kwisizini yesibili, uPinky uthe bathathe isinqumo sokungabe besaqhubeka nokushutha ezinye njengoba uMampintsha uBabes nenkampani eqopha uhlelo bengena ezintangeni ngemali okufanele bakhokhelwe yona.
UPinky uqhube wathi akakaze afune ukuba kulolu hlelo kwasekuqaleni kodwa uMampintsha wamncenga ukuthi abe yingxenye yalo.
Uthe waze wabatshela nangeminye imindeni yosaziwayo abenza imali ngokuba yizihlabani zangempela.
“Ngagcina ngivumile, angizange ngibuze ngaleso sikhathi ngoba ungumfowethu futhi ngangingafuni ukuphazamisa amathuba akhe okuphumelela. Kodwa angikaze ngiyithole imali ngesizini yokuqala.”
UPinky uthe lento isidale ukuthi agcine esenqaba ukwenza isizini yesibili ngoba wayebona ukuthi uyaxhashazwa.
Uphinde waveza nokuthi sebevule necala enkantolo ukuze akwazi ukuthola imali yakhe.
Uthe icala labo lizophathwa inkampani yezomthetho iSthembiso Ngubane Attorneys.
Uthe abaphathi bakaMampintsha nabeShowmax bamncenga ukuthi aphinde abe yingxenye yohlelo, wagcina esevumile.
“Savumelana ngokuthi ngizokhokhelwa isamba esingadalulwanga ngesiqephu ngasinye.”
UPinky uthe wathola u-R10 000 kuphela, nawo angenaso isiqiniseko sokuthi owani futhi bangatshelwa lutho mayelana nawo.
Uqhube wathi okumphatha kabi kakhulu ukuthi esikhundleni sokuthi bathembeke benze isivumelwano njengomndeni bayabafihlela izinto.
UPinky uveze ukuthi kusadingeka enze ezinye iziqephu okuhlanganisa usuku lokuzalwa lwengane kaMampintsha noBabes Wodumo nezomshado omhlophe.
“Sikhuluma nje balungiselela umshado omhlophe ozoba ngoJulayi noma ngo-Agasti. Bazophinde benze umabo (ukuhanjiswa kwezipho eziya ekhweni)”.
UPinky uthe yena nonina kaMampintsha sebethathe isinqumo sokushiya lolu hlelo, futhi ngeke besabamba iqhaza ngaphandle kokuthi banikwe imali yabo.
Uphinde wakhala ngokuthi bazithengele izingubo neziphaqulo futhi bazihlelele nezimoto zokuya ezindaweni okuqoshwa kuzo uhlelo.
Uveze nokuthi kade ayezama ukukhuluma noThomas Gumede kanye noLungile Radu abadidiyela uhlelo kodwa bangamnaka.
UNomsa Philiso, isikhulu esiphezulu sezinhlelo kwaMultiChoice, ukuqinisekisile ukuthi isizini yesibili yohlelo Uthando Lodumo isaqhubeka kodwa ubengakaluqinisekisi usuku lokukhonjiswa kwayo okwamanje.
Bebuzwa abeShowmax ngale ngxabano ephakathi koMampintsha nomndeni wakhe ngenxa yemali, uCandice Fangueiro, oyinhloko yezinhlelo kule nkampani, uthe abangene esivumelwaneni esiphakathi kwenkampani enikezwe umsebenzi wokuqopha uhlelo nabakulo.
“Ngakho lolu daba luphakathi kwenkampani eqophayo nabakulo. Nakuba kunjalo kodwa sike sibaxwayise abasiqophela izinhlelo ukuthi asihambisani nokuziphatha okungahambisani nemigomo yethu," kuphetha uFangueiro.
UMampintsha, Babes Wodumo, kanjalo nabadidiyeli uThomas Gumede noLungile Radu, bathintiwe bakhetha ukuwuhlaba inhlali kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Imiyalezo abathunyelelwe yona ikhomba ukuthi bayifundile kodwa abaphendulanga ngisho sekulandeliswa ngeminye imiyalezo nezingcingo.