U-CELESTE Ntuli uzohlekisa kwiSimphiwe Shembe Durban July Comedy Picnic, eBotanic Gardens, kusasa Isithombe: ESIGCINIWE
USOMAHLAYA, uCeleste Ntuli, ozokwethula uhlelo lwezithandani uthe akakamutholi umaqondana wakhe.
UCeleste udalule ukuthi uzimisele kakhulu ngomsebenzi wakhe, akakhathazekile nakancane ngesimo sobudlelwano bakhe.
Lo mculi owake wadlala kwiSibaya, uthi akashadile futhi akabheke muntu ozomshada.
Yize ejabule, uthi uhlelo lothando aphezu kwalo lumenze wabona ukuthi abantu basakholelwa othandweni.
Uthe njengamanje uqopha lolu hlelo oluthinta impilo yezithandani olubizwa ngokuthi, Will He Say Yes, oluzoqala ukukhonjiswa kwiHoney (DStv channel 173), maduze.
“Lusiza abesifazane ukuthi bacele umshado kubalingani babo, iningi labesilisa lithi ”yebo“. Ngingumuntu ongashadile kodwa ngizithola ngisenkabeni yothando.
“Kuyamangaza ukubona ukuthi kungakanani ukuzidela abantu abangakwenza ukuze baqinisekise ukuthi bavikela uzinzo ebudlelwaneni,” kusho uCeleste.
UCeleste uqhube wathi baningi abantu abakholelwa ngempela othandweni kodwa okwamanje yena usajabule ngokuba yedwa.
“Ngizimisele kakhulu ngokuthuthukisa umsebenzi wami kunokuba sebudlelwaneni, noma ukukhathazeka ngesimo sami sobudlelwano,” eqhuba uCeleste.
Uthe akhona amadoda ake amshele kodwa akawanaki.
“Angiziboni ngingena ebudlelwaneni maduze. Ngilungile futhi akukho lutho olungalungile ngami. Into engicindezelayo wumsebenzi kuphela. Angiziboni ngidinga ukuzixaka ngomjolo,” kusho uCeleste.
UCeleste uthe uzoqala ukuhambela uMzansi ngoSepthemba, lapho ezoshayela khona izinhlelo zakhe zamahlaya.
“Njengamanje ngisebenza kwizinhlelo zamahlaya eziningi. Ngizoqala eMpangeni. Ngizophinde ngibe seThekwini, eDurban Botanical Gardens, ngeSonto, lapho ngizobe nginandisa khona kwiSimphiwe Shembe Durban July Comedy Picnic,” ephetha uCeleste.
Kulo mcimbi, uCeleste uzobe eshiyelana inkundla noSeya Seya, Stopnonsons, Simunye Churchboy, Mdu Ntuli, DJ Choppas, Ndlebe Kapteni, Mambiya Gqonqa, Charles Mthethwa, Mangaliso Mhlongo, Ngane Ngane, Mondli Mzizi, Dawn Thandeka King, Blaq Diamond, DJ Wonder, DJ Twitty nabanye.
Kulo mcimbi oqala ngo-12 emini, kungenwa ngamathikithi abiza uR250 nangoR400 eWebtickets nasePick n’ Pay, kanti uCooler Box ungena ngoR100.
Khonamanjalo: Imicimbi inguchithi-saka eThekwini.
NAMHLANJE:
– Kuzohlonishwa uKhuzani noBabo Ngcobo kwiMasiqoqane Durban July Maskandi Festival eDurban Station, kusukela ngo-6 ntambama. Kuzobe kunandisa oKhuzani, Babo, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela, Mfiliseni, Zakwe, Duncan, Linda Sibiya, Captain Nyawo woZalo nabanye. Kungenwa ngoR80 nangoR350.
-Ziyabuya kwiFact Durban Rocks eMoses Mabhida Stadium. Kuboshelwe oDaliwonga, Pabi Cooper, Dlala Thukzin, Big Zulu, Reece & Zuma, Worst Behavior, DJ Zinhle, Qwabe Twins, Dladla Mshunqisi, Rocksilver, Themba, Blxckie, Bello noGallo nabanye abaningi.
-UCassper Nyovest uzonandisa eMzo Lifestyle, eVerulam nabanye. Ungaphuthelwa!
-Ziyenzeka kwiMother of All Parties eKudta, eShaka Marine World. Kukhona uSjava, Oskido, Msaki, DJ Fresh, Kelvin Momo, Professor, Christos, Greg The Musical Maestro, Vinny Da Vinci, Sox, Sparks Bantwana, Happy Gal nabanye.
KUSASA:
-ZIYAPHENDUKA kwiDBN July After Party Experience eWhirling Wheels Bowling Club eWindermere, eThekwini. Kuzobe kudlala uTira, Blaq Diamond, DJ LeSoul, Sbahle, Ceega Wamaropa, Madanon, Sjerere nabanye abaningi.
-Iyabuya i-Any Given Sunday eBeverly Hills Hotel, eMhlanga. Uhlelo luphethwe nguKhanyi Mbau noNomalanga Shozi kanti kuzodlala u-Oskido, Greg “The Musical Maestro” Maloka, Kelvin Momo, Sox, Answer, Bobsta noBuko.
-USomizi Mhlongo, Mihlali, Phuthi Phala, Bobby Blanco noNolusindiso bazobe bekwiDurban July Wrap Up Party eMax’s Lifestyle. Ungaphuthelwa!