ABASAKAZI abasanda kukhonjwa indlela yisiteshi somsakazo iMvula 98.5 FM, basimangalele enkantolo yabasebenzi, bekhala ngokuthi sinqwahe nemali yabo.
Isolezwe NgoMgqibelo lizibonele izincwadi ebezithi izivumelwano zokusebenzisana azivuselelwanga ngenxa yokuthi bahlulwe ukusebenza. Nakuba kunjalo, kunamahlebezi athi abanye izivumelwano azivuselelwanga ngenxa yokuthi banqaba ukuqoma nokugwazela umphathi wesiteshi, uSiyanda Ndzimande ngemali.
Omunye udalule ukuthi kunemali ebinconzulwa emiholweni yabo, ewuR1000, obekuthiwa iyiswa kumsunguli womsakazo. Iningi labasakazi okukhulunywe nabo likhale ngokuphelelwa wumsebenzi emuva kokukhalaza ngemiholo engaphelele. Bathe bazame kaningi ukuxhumana nomphathi wesiteshi ngemiholo kodwa batshelwa ukuthi izivumelwano zokusebenzisa ziphelile.
Omunye wabo nguMdu Mfeka, othe uyekiswe umsebenzi esebambe isikhundla sokuba ngumphathi wezinhlelo kulo msakazo, onezinyanga ezintathu wasungulwa.
Uthe inkinga yaqala mhlazane ebuza umphathi wesiteshi ngokungawutholi umholo ekupheleni kuka-Ephreli. Uthe yilapho athola incwadi ethi wehlisiwe esikhundleni sokuba ngumphathi wezinhlelo.
“Le ncwadi yathi ngeke ngisaba umphathi wezinhlelo kodwa ngingaqhubeka nohlelo lomsakazo ebengiluphethe lwangempelasonto ebengingenankinga nakho ngoba yilo vele engangize ngalo esiteshini,” kuchaza uMdu.
UMdu uthe ngoMeyi wathola incwadi eshoyo ukuthi uxoshiwe esiteshini. Uthe yingakho esefake isiteshi kwaCCMA.
Omunye nguNiyoshi Pillay, othe emuva kokusebenza esiteshini izinyanga ezimbalwa wathola incwadi imazisa ukuthi ngeke besaludinga usizo lwakhe kusukela ngoJuni.
“Ngenkathi ngithola incwadi angithukanga ngoba ngangike ngakhuluma nomphathi wesiteshi ngaphambi kokuthola incwadi wangitshela ukuthi bazokwehlisa abasebenzi ngenxa yemali,” kusho uNiyoshi, othe akakaze wayihola imali okwakuvunyelwene ngayo.
UKhayelihle Magwaza, omunye wabaxoshiwe uthe, waqala ukubona inkinga ngenkathi ethola imali encane kunale okwakuvunyelwene ngayo. Uthe wayinyathela emsileni kumphathi wesiteshi ngoba ngakusasa wafika sekufakwe omunye umsakazi ohlelweni lwakhe.
“Ngathi uma ngibuza ngalokho ngatshelwa ukuthi ngixoshiwe futhi akufanele ngibuyele emsebenzini,” kusho uKhayelihle othathe isinqumo sokubopha lomsakazo ngoba ewusola ngokunqwaha nomholo wakhe.
Omunye wabasakazi ocele ukungadalulwa, uthe ekuqaleni kukaMeyi, wanikezwa incwadi yokumiswa eyayingenasizathu futhi ingasayiniwe ngokwakufanele ayisayine. Uthe ushaqekile esethola ukuthi ngoMeyi ubevolontiya inyanga yonke.
Omunye nguSne Mtshali, udalule ukuthi wake washelwa nguSiyanda kodwa wathi uma enqaba ukumqoma, wamsabisa ngokumxosha emsebenzini. “Wathi ngiyisilima ngokungavumi ukuthandana naye ngoba nguyena ophethe esiteshini futhi nguyena ozonquma ukuthi nginesipiliyoni esihle noma esibi sokusebenza,” kusho uSne.
Eziphawulela, uSiyanda kungamanga aluhlaza ukuthi wake wafuna imali noma ukujola nabasebenzi ebebeqashwe yiMvula. Uthe bonke abasakazi abakhululiwe babe nesivumelwano sezinyanga ezintathu nalesi siteshi.
" Emuva kwaleso sikhathi esiyizinyanga ezi-3 Imvula FM yabuyekeza inqubekelaphambili yabo yanquma ukungasivuseleli isikhathi sabo kodwa yabadedela," kusho uSiyanda. Unxuse abathi wake wabashela noma wabfuna imali ukuba baphumele obala ngoba wumkhuba angasoze wawenza.
Ephetha uSiyanda uthe wonke umuntu akade esebenza kulo msakazo wayekhokhelwa yonke imali ayeyikweletwa ngomsebenzi wakhe, futhi ayikho imali ekweletwa muntu.