UVusi Khoza, umholi we-EFF waKwaZulu-Natal, ukhala ngentokazi emthumelela izithombe zayo inqunu ISITHOMBE: FACEBOOK.
USIHLALO we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, ukhala ngentokazi emthumelela isitho sayo sangasese kuWhatsApp wakhe.
UKhoza ungene ekhasini lakhe kuFacebok wanxusa umphakathi ukuba umkhuzele intokazi emxina ngezithombe eziveza ubuntu bayo nangama-video ocansi.
UKhoza ubhale kanje: “Abamaziyo ngicela bamtshele aphume kimi. Akahlukane nokungithumelela udoti, ngimbhlokile ngaphambilini wabuya nenye inamba, anginandaba nale nto ayishoyo futhi angifuni lutho ehlanganise naye.”
Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo, uKhoza uthe le ntokazi iqale ukuxhumana naye ngo-2021 lapho yambingelela ngokumthumelela izithombe zayo inqunu kuWhatsApp.
“Kusukela ngonyaka odlule le ntombazane ibingithumelela izithombe zayo inqunu nama-video ayo, yenza amanyala. Ngihlale ngiyixwayisa ukuthi iyeke ukungithumelela lo mbhedo kodwa iyaqhubeka,” kusho uKhoza.
Uqhube wathi waze wayivimba inombolo abeyisebenzisa ukuba imthinte kodwa yaphinde yabuya nenombolo entsha, yaqhubeka nokumthumelela izinto.
“Wake wangifonela sakhuluma ngocingo lapho angicela ukuthi sibonane endaweni engasese, ngamtshela ukuthi anginandaba naye nanoma yini azoyisho futhi akayeke ukungihlukumeza ngalezi zinto angithumela zona,” usho kanje uKhoza.
UKhoza uthe le ntokazi, eyathi ngeyasePinetown, wagcina evale izinombolo zayo zonke ngoba wayengazi ukuthi inhloso yayo yini ngale nto eyayiyenza.
Uqhube wathi ngendlela le ntombazane enesibindi ngayo iveza ngisho nobuso bayo ezithombeni nakumavidiyo ayo, okukhombisa ukuthi ayinamahloni ngalokhu ekwenzayo.
UKhoza uthe isizathu esimenze waya ekhasini lakhe likaFacebook ukuze adalule le ntokazi yingoba uyindoda eshadile futhi akafuni ukuzihlanganisa nalolu hlobo lombhedo.
“Ngiyindoda eshadile, enabantwana. Ngiyindoda yomndeni futhi angithandi ukuba yingxenye yamanyala,” usho kanje.
UKhoza wengeze ngokuthi amantombazane amaningi asemancane abheka osopolitiki njengejackpot nendlela yokuthola imali kodwa yena ngeke abe yingxenye yalokho.
Uphethe ngokuthi ngokumdalula unethemba lokuthi uzoyeka futhi ngeke aphinde enze lokhu komunye umuntu ngokuzayo.
Ithintwa yiSolezwe NgoMgqibelo le ntokazi ukuze iphawule ngalolu daba, zonke izingcingo zayo bezikhala zingabanjwa nemiyalezo ingaphendulwa.
Related Topics: