U-AYANDA Ntanzi okade ehambise umembeso kubo kwaSaneh ISITHOMBE: FACEBOOK
UMCULI wokholo osanda kuthola iziqu zobumeli, uthi usejahe kabi ukuthi abe wumnumzane womuzi njengoba esezishaye zaphelela kubo kwengoduso yakhe.
Muva nje, u-Ayanda Ntanzi ubehambise umembeso athe uzolandelwa wukuthi ziwushaye phakathi kwakhe nentokazi ayibize ngokuthi wuSaneh, wathi akathandi kahle ukuthi alokhu eyidalula kwabezindaba.
Lo mculi wethuse abaningi ngoba bekwaziwa ukuthi uthembisene umshado nomlingisi weDurban Gen, uNelisiwe Sibiya.
U-Ayanda uthe bahlukane nalo mlingisi ngo-2019, njengoba babethandane ngesikhathi behlangana enyuvesi.
“Lesi yisinyathelo esikhulu empilweni yami esibonisa ukukhula nokuzibophezela futhi ngijabule kakhulu ukungena kulolu hambo olusha,” kusho u-Ayanda.
Uthe usejahe kabi ukwakha umuzi nale ntokazi ewuphuma langa sikothe. Ngaphandle kwalokhu, lo mculi uthi izinto zimhambela kahle nasemculweni njengoba enza uchungechunge lwamakhonsathi alubiza nge-United Tour.
Lo mculi owaziwa kakhulu ngengoma yakhe ethi Nasempini, uqhube wathi wenza olunye uhambo edolobheni lakubo i-Appelsbosch, Ozwathini, ngoSeptemba 24, kulo nyaka.
“Njengamanje ngise-studio ngenza izingoma ezintsha engizokwabelana ngazo nabalandeli bami maduze nje.”
U-Ayanda uphethe ngokuthi uyaqhubeka nomsebenzi wakhe we-Spirit of Praise nokusabalalisa izwi likaNkulunkulu njengenjwayelo.
“Ngiphatheke kahle kakhulu emoyeni, zonke izinto zami zihamba ngolayini,” kuphetha u-Ayanda.