UMFULA uMlaza Isithombe: SIBONELO NGCOBO
BAKHALA ngokubanjiswa udonga wuhulumeni iminyaka ngeminyaka, abahlali bezindlu eziwolindela ezigudle umfula uMlaza, eLamontville, eThekwini, kumuka namanzi abayisithupha ngoLwesibili ebusuku.
Kulesi sehlakalo kuqinisekiswe ukufa kwabo ngoLwesithathu ekuseni, emva kokutholwa kwezidumbu zabo eBluff, okuyibanga eliqhele kakhulu nalapho ebebeminze khona.
Kwababhubhile kukhona izingane ezintathu zomndeni wakwaDingiswayo, okungumzukulu u-Elethu (6) bese kuba yizelamani uLusenathi (10) noSinokhanya (16).
Kukhona nabesifazane ababili, uNkk Siwiwi Ndobongo (60) nomunye oneminyaka engu-56 igama lakhe elingatholakalanga. Kubikwa ukuthi ingane elinganiselwa eminyakeni emibili, ebibelethwe emhlane ugogo wayo, uNkk Ndobongo, yona ayikatholakali.
Elandisa ngesehlakalo, uNkk Lulama Dingiswayo, olahlekelwe yizihlobo ezintathu, uthe imvula iqale ukuna ngamandla ngabo-10 ebusuku.
“Bese silele. Sizwe ngomakhelwane beshaya izicabha, bethi asivuke nanka amanzi engena ezindlini,” kusho uNkk Dingiswayo.
Echaza, uthe amanzi abanike inkinga njengoba evele aqhamuka esithubeni emhosheni ongenhla kwezakhiwo ngesikhathi bona bezitshela ukuthi umfula, uMlaza (ongezansi) ozogcwala bese uklapakela ezindlini.
Uthe wonke umuntu ubevuka athathe lokho akuthathayo, aphume.
“USinokhanya ucaphune u-Elethu waphuma naye, elandelwa uLusenathi. Baqale bakhosela komunye umakhelwane, kwathi uma bebona ukuthi amanzi azobamboza ngaphakathi esakhiweni, baphuma,” kusho uNkk Dingiswayo.
Uthe bahambe ngendlela eyingozi, amanzi amuka nabo, wathi bona bavaleleke ngaphakathi endlini, isicabha singavuleki, bathi sebephuma kwacaca ukuthi izingane kazisabonwa.
Uthe okubaphatha kabi umcabango wokuthi ngelinye ilanga lo mfula uyongenisa ubamboze bonke kule ndawo.
“Kade sasithenjiswa ukuthi sizosuswa lapha, sakhelwe izindlu ezindaweni eziphephile. Namanje sisalindile,” usho kanje.
Esinye isakhamuzi, uNkk Nombeko Melane, sithe njengoba sebehlala kule ndawo, basuka eMega Village okuyizakhiwo ezingasenxanxatheleni yezitolo iMega City.
“Izikhukhula ezaba khona ngo-2012, 2014, 2019 zasifica sisengale. Sasuswa emva kweza-2019, salethwa la. Ezango-2022, zisifice sesile, njengoba sekuyilezi manje. Kuyacaca ukuthi sasuswa emfuleni, sazobekwa komunye,” kusho uNkk Melane.
Uthe ngisho noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa ubuya khona, ukuzobathembisa.
“Sekuyasicacela ukuthi sizofela khona la,” kusho usho kanje.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, owoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Siboniso Duma neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, bahambele endaweni yesigameko khona izolo.
UXaba uthe bangu-270 abantu okufanele babathuthe bayobabeka ezindaweni eziphephile.
Ubalule ukuthi okunye okuholela ekutheni amanzi amukise abantu ukuvaleka kwezitamkoko, zivalwa udoti uza namanzi, bese ayenyuka, agcine eseba yingozi kubantu.
UDuma uthe uhlobo lwemvula ena manje luyabakhombisa ukuthi sebedinga ukwakha izindlu ngempahla yokwakha ekwazi ukumelana nesimo sezulu esiguquguqukayo, wathi bafuna nokuqinisekisa ukuthi uma bethutha abantu bebayisa ezindlini abazozakha, akusali kube khona abanye abantu abangena ezakhiweni ezikuleyo ndawo eyingozi.
Ubanxusile abantu ukuthi nakuba kwazeka ukuthi izindawo azikho kodwa abangazifaki ezindaweni ezibeka impilo yabo engcupheni.
Ngokwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku ekuseni, ukhona omunye omuke namanzi eChatsworth.
Siqhube sathi izindawo eziningi okukhona kuzo iPhoenix Industrial, Ngonyameni, Southridge, uMlazi, Folweni, Isiphingo, Bayview, Warner Beach, Ohlange, Umzinyathi zilahlekelwe ugesi.
Sithe imigwaqo eminingi ikhahlamezekile.
Ezinye izindawo Isolezwe elithole ukuthi zikhahlamezekile uMthwalume nePort Shepstone.