ECC church Pastor Vusi Dube, Bongumusa Kubheka and Tax Colloins battle it out outside the ECC church Picture: DOCTOR NGCOBO ECC church Pastor Vusi Dube, Bongumusa Kubheka and Tax Colloins battle it out outside the ECC church Picture: DOCTOR NGCOBO
GUGU MBONAMBI
Ubhodla umlilo umfundisi webandla lodumo laseThekwini ngabaholi be-DA athi abazama ukususa itende lebandla lakhe kule ndawo ngoba bethi lidala umsindo endaweni.
Kwale kancane izolo ukuthi uMfu Vusi Dube, weThekwini Community Church enetende e-Albert Park, babambane ngezandla nomholi wekhokhasi ye-DA esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Tex Collins, obecwaninga ngaleli bandla kule ndawo.
UDube, naye oyilungu lePhalamende elimele i-ANC kulesi sifundazwe, ufike epaki lapho kukhona khona itende lebandla lakhe wazithela phezu kukaCollins obezulazula kukhona akuhlolayo.
UCollins kuthiwa uhambele kuleli bandla emuva kokuthola izikhalo emphakathini ohlala e-Albert Park ongeneme ngomsindo okuthiwa uqhamuka kule ndawo.
Izolo sike sashuba isimo phakathi kukaDube noCollins emuva kokuba uDube etheleke esontweni.
“Isonto lakho kufanele ukuba lihambe lapha futhi njengelungu lePhalamende esifundazweni kumele ngabe wazi kangcono ngoba uphula imithetho ethile kamasipala. Ubani okhokhela ugesi wakho namanzi?” kubuza uCollins.
Ephendula ngolaka uDube uthe uCollins akakhulumeli abantu base-Albert Park noma abantu baseThekwini kodwa lokhu akwenzayo kuyingxenye yomkhankaso wezepolitiki.
“Yini ekulethe lapha, yini inkinga yakho? Awuzile lapha ngenxa yokuthunywa ngabantu, uzele ukuzolwa izimpi zakho ze-DA,” kuphendula uDube obengagayelwe mphako.
UCollins ugxeka uDube ngokusebenzisa izinsizakusebenza zikamasipala ngaphandle kokuzikhokhela.
“uDube kumele afake isicelo sokwakha isonto ngoba isonto lakhe lidala inkinga. engingakusho wukuthi isonto lakhe lenza konke lokho ngoba lizuza okuthile kwezepolitiki.”
UDube unamagatsha ayisikhombisa kanye namalungu alinganiselwa ku-15 000. Uthe unesivumelwano nomasipala futhi sesiluliwe ezinye izinyanga eziyisithupha.
Ikhansela lase-Albert Park, uMnuz Vusi Khoza, uthe useke waphakamisa ukuthi ibandla lisuke lapha emuva kokuba izakhamuzi zalapha zisayine incwadi ethi malisuke.
Uthe isonto lisetendeni ngakho umsindo uzwakala kalula waveza nokuthi useke waqinisekiswa yiMenenja kaMasipala, uDkt Mike Sutcliffe, ukuthi lizobe lingasekho ngasekupheleni kukaDisemba.
Ngaphambi kokuthuthela e-Albert Park itende likaDube laligxunyekwe eWorkshop. Kwi-e-mail ebhalwe yinhloko yezamapaki kumasipala weTheku, uMnuz Thembinkosi Ngcobo, eya kuCollins, uthi ngokwazi kwakhe isikhathi esinikwe udube kule paki siluliwe ngezinyanga ezinhlanu.