News

Sifuna ukuwina isicoco seligi – Katsande

Mbongiseni Buthelezi|Published

Siyabonga Ngezana and Steve Komphela, coach of Kaizer Chiefs during the Kaizer Chiefs media day at the Chiefs Village in Johannesburg, South Africa on July 27, 2016 �Samuel Shivambu/BackpagePix Siyabonga Ngezana and Steve Komphela, coach of Kaizer Chiefs during the Kaizer Chiefs media day at the Chiefs Village in Johannesburg, South Africa on July 27, 2016 �Samuel Shivambu/BackpagePix

ISETHENJWA somdlali weKaizer Chiefs, uWillard Katsande, sithi isizukulwane esisha sabadlali singasiza iqembu linqobe izindebe ngesizini ezoqala.

UKatsande ubekhuluma nabezindaba eNaturena Village izolo ekuseni ngaphambi komdlalo nezimbangi zabo ezinkulu i-Orlando Pirates eFNB Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Leli qembu liphinde lamemezela abadlali abasha uRyan Moon, ongumfowabo omncane kaBryce Moon, noSiyabonga Ngezana obedlala kuMuliti Choice Diski Challenge ngesizini edlule.

“Angibangabazi abadlali abasayiniswe ngabaphathi beqembu ukuthi bazolisiza. Abadlali baseZimbabwe abakhona ngiyabethemba ngoba basebenza kanzima. Bazoletha okusha obekungekho okuzosisiza,” kusho uKatsande.

Uthe umdlalo wabo nePirates ngeke ube lula kodwa kufanele balalele umqeqeshi wabo uSteve “Mphathi” Komphela.

“Kuzoba ngumqansa kulo mdlalo. Kuzobe kungumdlalo osezingeni eliphezulu, kushiyana ukwenza. Sinabadlali abasha abazodlala kulo mdlalo. Kufanele silalele umqeqeshi silwele ukuthi siwunqobe. Kufanele sibe sesimweni esihle somqondo,” kusho uKatsande.

Uveze ukuthi bayazi yini okufanele bayilindele kuPirates kulo mdlalo.

“Bazoza kithi benomfutho njengoba benomqeqeshi omusha uMuhsin Ertugral. Kodwa nathi sinabadlali abasha eqenjini lethu.”

UKatsande uthe bafuna ukwenza kahle ngesizini ezoqala bengaphindwa esangedlule lapho beqede khona bengenandebe.

“Kule sizini eqalayo kufanele sinqobe isicoco seligi bese sinqoba nezindebe, senzele iqembu nabalandeli. Okuhle ukuthi sizozibona ngoMgqibelo ukuthi sesikulungele kangakanani ukuqala isizini,” kusho uKatsande.

ICarling Black Label izosiza abadlali abasebancane ukuthi bazibone bakulungele yini ukugqoka ijezi leChiefs kaKomphela.

“Ngiyazi kuzoba nzima ngoba awukho umdlalo wesihle uma sidlala nePirates. Ngeke sifanise lo mdlalo neminye yesihle esiyidlalile. Nokho uma senza amaphutha kulo mdlalo sisenethuba lokuwalungisa ngaphambi komdlalo wokuqala wesizini,” kusho uKomphela.

“Kusasele amasonto amathathu ngaphambi kokuqala kwesizini. Asikalungi kahle yize kukuningi esesikwenzile.”

Uthe ingcindezi ekuye iyefana neku-Ertugral.

“Ingcindezi yinto yakhona lapha uma ungayazi kufanele uyejwayele. Nokho uMuhsin uke waqeqesha lapha, uyazi. Nami sengiyejwayele akusafani nangesikhathi ngisafika. Okubalulekile ukuthi ungajiki kulokhu okholelwa kukho,” kusho uKomphela.

Uthe wenelisekile ngamalungiselelo omdlalo nemidlalo yesihle abayidlalile.

“Umehluko ukuthi lapha sidlala nePirates, okungumdlalo ohlukile. Umdlalo wangempela lona esiya kuwo,” kuphetha uKomphela.